iPhini likaNgqongqoshe wezabesifazane lithe ayikho ingane okumele ishade ngenkani

ZAMA MAJOLA

IPhini likaNgqongqoshe wezabesiFazane, iNtsha nabaphila nokukhubazeka, uMnu. Steve Letsike, lithe sehlile isibalo sokushadiswa kwezingane ezifundazweni ezifana neKwaZulu-Natal, nakuba Bottom of Formlezi zinhlobo zemishado zisaqhubeka.

Ekhuluma neSABC uLetsike uthe, ayikho ingane okumele ishade ngenkani. “ Ngeke sasho ezweni elibuswa ngentando yeningi ukuthi izingane azikwazi ukuvuma ukuya ocansini uma zineminyaka engu-16 nangaphansi kodwa abazali noma abantu abadala bacabanga ukuthi kulungile futhi kuyinto evamile ukuhwebelana nempilo yengane egameni lesiko nenkolo. Ngicabanga ukuthi isiko nenkolo yizinto ezinhle kodwa akumele neze sizinukubeze” kusho uLetsike. Ube esenxusa abantu abadala ukuthi bazinakekele izingane ezisencane bengazishadisi ngenkani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *