Iziphuzele iSundowns kowe Carling Black Label.
Ayanda Ntombela ISundowns ibhudluze iOrlando Pirates ebesisele nabadlali abawu 10 ngamagoli amane eqandeni. Amasandawana aqhwakele kwi log yepremier soccer league…
Ayanda Ntombela ISundowns ibhudluze iOrlando Pirates ebesisele nabadlali abawu 10 ngamagoli amane eqandeni. Amasandawana aqhwakele kwi log yepremier soccer league…
SELIGCWALE umoya ibhantshi kumqeqeshi weMaritzburg United uMaduka, lokhu kuqinisekiswe ilona iqembu ukuthi alisahlanganise lutho noJohn Maduka kanti iqembu liphinde lathatha isinqumo sokunqamula zonke izinkontileka ebezibahlanganisile nethimba lobuchwepheshe likaMaduka kulandela ukungenzi kahle isikhathi eside.
UNAMAPHUPHO amakhulu ngomsebenzi wakhe wezandla uNtembeko Nonjiko oyiciko elingumbumbi nombazi wakwa Ndengezi, ngase Pinetown.
UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnu. Bheki Cele usenikeze abomthetho umlayelo ukuba bavale zonke izindawo zokucisha ukoma ezingekho emthethweni. Ekhuluma emcimbini wokwethulwa komkhankaso wokuphepha kwamaholide kaKhisimusi, uCele uveze ukuthi imiphakathi isakhungathekile ngenxa yezigameko eziningi ezibulale abantu kulonyaka ezenzeke ezindaweni zokuzithokozisa okanye emashibhini.
INJABULO kaKhisimuzi isisondele kwizakhamuzi zasoThongathi, eThekwini emuva kokuphela komsebenzi wokwakhiwa kwesiphehli samanzi esacekeleka phansi ngesikhathi sezikhukhula ngo-Ephreli kulonyaka.
UKHISIMUZI ususemnyango, nodado sebeqalile ukubala izidingo zabo kubazali babo kanye nezinto abazithandayo kodwa kubafelokazi nezintandane akunjalo isimo sigaya ngomunye umhlathi.
ABAPHATHI besiqiwi saseHluhluwe iKuleni Game Park bathi indlulamithi eyalimaza ingane abakayibulali, ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi iKuleni Game Park isikuqinisekisile ukuthi umndeni ubuyizakhamuzi ezizimele kulesi siqiwi.
I-South African Medical Association okuyinhlangano yezobuchwepheshe yabasebenzi bezokwelapha bezinkampani zikahulumeni nezizimele eNingizimu Afrika ithi uhulumeni kumele athathe isinyathelo manje asize abafundi bakuleli abafundela ubudokotela ezweni laseRussia njengoba bebhekene nenkinga yokuxoshwa.
INHLOKO yeNational Prosecuting Authority Investigative Directorate (NPA ID), u-Advocate Andrea Johnson, uthe uphiko lwabashushisi luzoqhubeka nokusebenza ngaphandle kokwesaba nokuchema.
ABAFUNDI baka Matric bathole ithuba lokukhuthazwa ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo embuthanweni obuhlelwe inhlangano iAfricology,endaweni yase Thohoyana, ngoMgqibelo.