Umbono ka Ntombikhona Mpanza Eshowe kwaKhoza mayelana nokukhwabanisa okwenziwa osopolitiki ezweni

NGOKOMBONO wami ukukhwabanisa okwenziwa osopolitiki kukhombisa lento engingayibiza ngokuthi ukuzicabangela wena kuphela okuyinto embi kakhulu.

Okokuqala labantu sithembe bona ukuthi basiphe isimo senhlalo enhle nezinzile njengoba sabakhetha ikakhulukazi izi-mayor, namakhansela, kodwa into esiyibonayo kubo bakhetha iphela emasini uma besiza imiphakathi esiyakhele okungenye yezingxenye zezinto eziwukukhwabanisa. Ngeke kwenzeke ukuthi uma ufika ema-office omasipala kukhona omzala kuphela nosisi nobhuti (izihlobo).

Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi ukukhwabanisa sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba kosopolitiki ezweni lethu lilonke.