NGOKOMBONO wami ukukhwabanisa okwenziwa osopolitiki kukhombisa lento engingayibiza ngokuthi ukuzicabangela wena kuphela okuyinto embi kakhulu.
Okokuqala labantu sithembe bona ukuthi basiphe isimo senhlalo enhle nezinzile njengoba sabakhetha ikakhulukazi izi-mayor, namakhansela, kodwa into esiyibonayo kubo bakhetha iphela emasini uma besiza imiphakathi esiyakhele okungenye yezingxenye zezinto eziwukukhwabanisa. Ngeke kwenzeke ukuthi uma ufika ema-office omasipala kukhona omzala kuphela nosisi nobhuti (izihlobo).
Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi ukukhwabanisa sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba kosopolitiki ezweni lethu lilonke.