SHEILA MHLONGO
Kuzokhuphula umnotho wesifundazwe ukuvulwa kwemboni yomkhiqizo weFuture Life. Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natali uMhlonishwa uSiboniso Duma ngesikhathi evula ngokusemthethweni iFuture Life ngoLwesine lomhlaka 5 October 2023 eDube Trade Zone enyakatho yeTheku.
IFuture Life yasungulwa uMnu Paul Saad ngonyaka ka 2007, kodwa yaphinde yathengwa abakwa Pioneer Foods okuyingxenye yePepsiCo. Kanti uMphathi Jikelele (CEO) wayo iPepsiCo uMnu Riaan Heyl, nozakwabo uMnu Mark Bunn weFutureLife babe ingxenye yezihambeli zomcimbi wokuvulwa kwemboni.
Ethula inkulumo yakhe yokuvula uNgqongqoshe uDuma uthe, ngaphezu kokukhuphula isimo somnotho ngokutshala isamba sika R75million KwaZulu-Natali, iFuture Life, iphinde yaletha ithemba emphakathini ontula amathuba emisebenzi.
“Ngaphezu kokukhuphula isimo somnotho lapha KwaZulu-Natali ngokutshala isamba sika R75million iFuture Life iphinde yaletha ithemba kubantu abantula amathuba imisebenzi”. Kusho uDuma.
Izihambeli zomcimbi wokuvulwa kweFuture Life zithole ithuba lokuzibonela mathupha ingaphakathi lalemboni yakwaFuture Life esezingeni eliphezulu nesiqashe abasebenzi ababalelwa ku 196”. Kusho uDuma.
UNgqongqoshe uDuma uphinde wancoma iqhaza elibanjwe izinhlaka ezifana noMnyango wezoHwebo kanye nezeziMboni, i Industrial Development Corporatione, uMasipala weTheku ,i KZN Growth Fund, Trade Investment KZN,wathi kungenxa yokusebenza ngokubambisana kwazo okudala ukuthi kube nokukhula komnotho kulesifundazwe.

