UMasipala weTheku uzotshala iMetro Police emalokishini ukulwisana nobugebengu

THOBILE MBATHA

UMasipala weTheku umemezele ukuthi uzotshala Metro Police emalokishini ukuze asebenzisane neCommunity Policing Forum (CPFs) kanye neSAPS ekulweni nobugebengu.

Ngokwesitatimende sithe, IMeya yeTheku ukhansela. Mxolisi Kaunda uthe babheke ukuthi kwandiswe kuphinde kusabalaliswe amaphoyisa kaMasipala.Lokhu uKaunda ukusho lokhu ngesikhathi kubanjwe umhlangano wokuchibiyela izikhundla kuloMkhandlu.

Amaphoyisa kaMasipala asungulelwe ukulawulwa kwetraffic kanye nokuphoqelela imithetho yedolobha. Uphinde wancoma izindawo ezifana noMlazi esezivuselele ama-CPF ukusiza amaphoyisa ukulwa nobugebengu.

Eqhuba uthe, ngesikhathi ngithatha izintambo njengenhloko yeDolobha ngo-2019 ukuvuselelwa kwama-CPF kwaba wubizo lwayo lokuqala futhi ngiyajabula ukuthi izindawo ezifana noMlazi sekunezinhlaka ezisebenzayo zokuphepha komphakathi. Kanjalo futhi ukunyuka kwamaphoyisa minyaka yonke esuka ku-200 aya ku-400 kuyingxenye yesu lokulwa nobugebengu edolobheni ukuze kusabalale amaphoyisa emalokishini. Kahle kahle kufanele kube amalungu angu -5000 kodwa okwamanje angu-2000. esho