I-Southern Sun Hotel iqokwe njephumelele ukuthuthukisa kabusha izindawo ezise Beachfront

Esithombeni: Inhloko yezindlu kuMasipala weTheku uThapelo Mmusinyane (kwesokunxele), imenenja yeTheku uMusa Mbhele, iMeya yeTheku uCyril Xaba, isikhulu seSouthern Sun uMarcel von Aulock kanye nesikhulu sezezimali kuTheku uDkt Sandile Mnguni.

OWAMI THABETHE

I-Southern Sun Hotel Group inikezwe inkontileka yeminyaka engu-50 yokwakhiwa kabusha kwephrojekthi, ehlanganisa nokulungiswa kabusha kwamahhotela e-Garden Court South Beach kanye ne-The Edward. Lolu hlelo alugcini nje ngokuvuselela ingqalasizinda, kodwa lumayelana nokuvuselela umnotho, ubuholi bedolobha beseka intuthuko ngentshiseko.

IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba, iphawule ngenkulu intokozo ngalolutshalozimali lwe-R1 billion edolobheni lakhe,“Kimina, kuyahambisana nokuzethemba kwezamabhizinisi futhi kuyakhula eThekwini,lokhu kuwubufakazi bokuthi iTheku livulekile ngamabhizinisi. Noma ngubani ongabaza ukuzwakala nokuchuma kweTheku kufanele acabange kabusha isimo sakhe. Sesivele sisendleleni eya phezulu.”

  1. Southern Sun, okumanje iqashe abantu ababalelwa ku-450 e-Elangeni naseMaharani, izibophezele ukuthi izoyigcina le misebenzi, kanti kulindeleke kuvuleke ezinye izikhala ezingu-200 ngesikhathi sokulungiswa kabusha kwezinyanga ezingu-36.

Ingxenye ehlukile yalokhu kuthuthukiswa kabusha isabelo sika-R5 million esinikezelwe ekubuyiseleni kabusha iSunken Gardens, ipaki kaMasipala engasebhishi. Lokhu akugcini nje ngokuthuthukisa ukukhanga kobuhle beTheku, kodwa futhi kugcizelela  ukuhlanganisa ezokuvakasha okunethezeka nokunothisa umphakathi.

UXaba uphinde wadlulisa ukubonga kwi Southern Sun
 ngokuhlala noMasipala weTheku naphezu kwezinselelo eziningi esahlangabezana nazo edolobheni lethu ikakhulukazi imboni yezokuvakasha kule minyaka edlule, okuhlanganisa ubhubhane lwe-Covid-19, izikhukhula ezicekele phansi kanye nezibhelu zomphakathi zikaJulayi.

UMarcel von Aulock, oyi-CEO yakwa-Southern Sun, uthe iQembu liyajabula ngokuthi iTheku likwazile futhi laphothula uhlelo lokuqoka umuntu ozongenela ukhetho lwalezi zakhiwo e ezibalulekile ekunakekeleni isikhathi eside nasekuvuseleleni kabusha iTheku, i-Beachfront.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *