IChiefs izobhekana ne Free Agent FC kowe Nebank Cup Last 32

SBU MAMBA

Kubukeka sengathi Abafana bokuthula noxolo iKaizer Chiefs izozigwazela ibhece emdlalweni wabo wokuqala we Nedbank Cup 2025 , impofana ibe nenhlanhla ngesikhathi amaqembu eqhathwa eGoli ngesonto elidlule yatonyulwa namavukane iFree Agent Fc egijima ku ABC Motsepe League , eGauteng . Amakhosi anomlando omubi wokuhlulwa amaqembu asezingeni eliphansi kulo mqhudelwano eminyakeni edlule ikakhulukazi ngesikhathi ikhishwa kabuhlungu yi FC Capetown , TS Galaxy , Milford FC , Baroka ne Richards Bay , unozinti we Chiefs u Brandon Peterson ekhuluma nabezindaba ngosuku lwe Draw uthe ngeke bayithathe kancane iFree Agent FC , wathi ithuba labo lokugcina leli lokunqoba isicoco,

uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi benza kahle kulomqhudelwano banqobe lesicoco seNedbank Cup bajabulise abalandeli.

IChiefs yagcina ukuwina izicoco zangampela isaqeqeshwa yinsizwa yase Ngilandi

u Stuart Baxter , sekuphele amasizini ayisishiyagalombili ezika Shintsha Guluva zagcina ukunqoba isicoco nokuyinto esibami emphinjeni abalandeli baleli qembu lase Naturena elithathwa njengelikhulukazi ku PSL , I-Chiefs izifake ehlazweni ihluleka kungena ku Top 8 ngesizini edlule , iqede endaweni yeshumi ku DSTV Premiership , kulesizini entsha ka 2025 ibidlalela izicoco ezintathu nje kuphela , kuCarling Black Label Cup ikhishwe yi Mamelodi Sundowns ehleli esicongweni se Betway Premiership , isalelwe iNedbank Cup neligi , nakhona kuligi amathuba okuthi bayinqobe mancane kakhulu njengoba ihleli endaweni yesihlanu ngamaphuzu awu 18 emidlalweni engu 12.

Esewonke amaqembu Aqhathwe kanje kwiNedbank Cup Last 32:

Kaizer Chiefs vsFree Agents 

Richards Bay vs Orlando Pirates 

Mamelodi Sundowns vs Sibanye G Stars

Polokwane City vs The Bees FC

Sekhukhune United vs Cape Town City 

Mpheni HD vsHungry Lions 

Magesi vs SuperSport United 

Royal AM vs Milford FC

Venda FC vs Cape Town Spurs 

Golden Arrows vs Chippa United 

TS Galaxy vs Vasco Da Gama 

Stellenbosch vs Kruger United 

AmaZulu vs Mighty Eagles

Lerumo Lions vs Durban City 

Umvoti vs Baroka 

Pretoria Callies vs Marumo Gallants

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *