THOBILE MBATHA
Baqeqeshelwa ukuba ngonogada abaqashwe ngaphansi kohlelo i- Expanding Public Work Programme, eMzinyathi.
IMeya kulo Masipala, uMnu. Petros Ngubane, ithe kusukela kuqala lolu hlelo, uMasipala ubulokhu uqhamuka nezinto ezingalekelela abasebenzi ukuthi bangagcini nje ngokucosha amaphepha nokuhlanza njengoba kulindelekile, kodwa kube khona amakhono abahlinzekwa ngawo ukuze nangomuso bezokwazi ukuziphilisa.
Uthe ngesikhathi kuqala unyaka baqale uhlelo lokuthi bathathe abangu-50 komasipala abane, Umvoti, Nquthu, UMsinga naseMsunduzi abakhele lesi sifunda ukuthi bafundiswe bathole izicucu zokuba ngonogada eziphakathi kuka-Grade E no Grade B, okuthiwa bebeqashwa amakhansela, okuzothi uma beqeda banikezwe izitifiketi zabo ezigunyazwe uhlaka olulawula ukusebenza konogada i-Private Security Industry Regulatory Authority (Psira).
“Luqala lolu hlelo, sesifundise abantu amakhono okuthunga, ukwenza imisebenzi yezandla, ukwakha ifenisha nokunye okuningi. Ngalokho sesikhiqize osomabhizinisi abenza okuningi okubalwa nabakhiqiza umfaniswano wezikole,” kusho uNgubane.
Kuthiwa abafundi bazonikezwa izitifiketi zabo emcimbini osazohlelwa uMasipala, emva kokuphothulwa kokuqeqeshwa kwabo.

