SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda, ehambisana nekhansela laku Ward 1 uThembo Ntuli, ekanye nosihlalo wekomidi leGovernance and International Relations ukhansela uNkosenhle Madlala, behlangene nethimba lobuholi ezinhlakeni ezahlukene baku Ward 1, bahambele indawoyaKwaXimba ngomhlaka 6 Mashi ngenhloso yokuyohlola izingqinamba ezivimba ukuqhutshwa kwama project amanzi, ukuthuthwa kwendle, kanye nokwakhiwa kwemigwaqo endaweni.
Kuloluhambo bekukhona ngisho neziphathimandla ebezivela kuwo uMkhandlu weTheku kanye nasesifundazweni.
Inhloso enkulu kaMasipala ukuqinisekisa ukuphuthunyiswa kokubuyisela ukuphakelwa kwamanzi endaweni njengoba usonkontileka esevele ekhona efaka amapayipi amasha kusukela kwi-Abattoir Water Reservoir kuze kuyofika KwaXimba.Lokhu okuzosiza ukubhekana nesidingo esikhulu samanzi kulendawo.
Iziphathimandla ebezivela eMnyangweni wezokuThutha zizibophezele ukuqinisekisa ukuthi kusukela ngomhlaka 7 Febhuwari ithimba elivela kuwo uMnyango lizoqala umsebenzi wokuvala ama Potholes emgwaqeni liphinde lilungise kabusha umgwaqo endaweni yaKwaXimba.
“Siyakuqonda ukukhathazeka okudalwa ukuphazamiseka kwamanzi futhi sifisa ukuqinisekisa izakhamizi ukuthi ukubuyiselwa kokuhlinzekwa kwamanzi esimweni esifanele kuseqhulwini ezinhlelweni zethu. Sinxusa izakhamizi ukuba zonge amanzi. Ngokubambisana, masiqinisekise ukuthi sinawo amanzi nakusasa”. Kusho iMeya uKaunda
IMeya yeTheku uKaunda iphinde yahambela lendawo yaKwaXimba ikanye noNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu. Sipho Hlomuka ngenhloso yokubamba Imbizo nomphakathi baphinde bethule usonkontileka oqokelwe ukuthi aqale umsebenzi wokulungiswa kabusha umgwaqo kaye namabhuloho acekelwa phasi izimvula ezinamandla.
Ngomhlaka 5 Febhuwari, indawo yase Cliffdale kanye nase Buckfarm ku Ward 103 iphinde yahanjelwa iMeya uKaunda, ihambisana nokhansela Linda Mchunu weWard 103 bephelezelwa iziphathimandla zoMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali kanye nethimba laseThekwini Roads Unit, elengamele ezemigwaqo eMkhandlwini
ngenhloso yokuhlola isimo somgwaqo kanye nengqalasizinda ecekelwe phansi izimvula ezinamandla ukuze ilungiswe, khona kuzohambeka kahle kuyo.

