Uhlelo lweDDP Migration Project lukhombisa imiphumela emihle kakhulu njengoba lubonakalisa ukuthi lukwazile ukushintsha izimpilo zabantu bakuleli kanye nalabo abangabokufika lapha eNingizimu Afrika.
Lokhu kufakazelwe izincomo ezinhle ezenziwe ilabo ababe ingxenye yokwethamela loluhlelo olwaziwa ngeMigration Project oluqhutshwa inhlangano iDemocracy Development Program ngokuxhaswa abe European Union. Zonke izethameli zaloluhlelo zibonge zanconcoza ngoshintsho oselwenzeke ezimpilweni zabo.
Loluhlelo lweMigration Project beluqhutshwa ama Facilitatior asemkatshubomvu kwezokuqeqesha, lokhu ekwenza ngokuvula imiqondo yezethameli ezingabahlali bakuleli kanye nalabo abahlali abangokufika kuleli abaziwa ngama African Migrants, akhele izindawo , Umlazi, KwaMakhutha, Isipingo, KwaMashu and Sydenham.
Kuzozonke lezindawo ezibalwe ngenhla izethameli ezingabahlali bakhona zikwazile ukuzuza ukuthola uqeqesho kwezamabhizinisi olubizwa nge Entrepreneur Training, lokhu okuthathe isikhathi esingangonyaka, okuphinde kwalandelwa ama Follow-up sessions obekuhloswe ngawo ukuthi bacijwe ngendlela abangakwazi ngayo ukusebenzisa lokho abakufundisiwe nokuthi babone umehluko owenziwe iproject ukuthi bakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo kanye nomehluko ezimpilweni zabo.
Uhlelo lwe Entrepreneur follow-up session lube ngenyanga ka July lapho izethameli zifundiswe khona ngezindlela zokukhulisa amabhizinisi azo, zaphinde zathola nethuba lokucobelelana ngolwazi ngalokho ezikufundile nangendlela ezizoqhuba ngayo emabhizinisini azo ukuya phambili.


