IMeya yeTheku yethulele umphakathi usonkontileka ozokwakha ibhuloho laseTshelimnyama

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Khaunda ekhuluma nomphakathi

Lelibhuloho lasendawni yaseThelimyama laguguleka  ngesikhathi kunezikhukhula ngonyaka owedlule. IMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, iphelezelwa yikhansela lakuWadi 15, uKhansela Thembelani Shezi, uKhansela uBheki Mngwenge namuhla ngomhla ka-2 Febhuwari, bethule usonkontileka ozokwenza lo msebenzi.

Lo sonkontileka wethulwe ngesikhathi kunohlelo lweMasakhane enkundleni yezemindlalo yaseTshelinyama.

UMeya uKaunda uthe ukwakhiwa kabusha kwaleli bhuloho kuzobiza uR18 million futhi kuzoba wusizo olukhulu emiphakathini yakuWadi 12, 13, 14, 15 no-63.

“Ukwakhiwa kwaleli bhuloho kuzodala amathuba omsebenzi kubantu bendawo nosomabhizinisi njengoba ingxenye yomsebenzi ewu-30 wamaphesenti izokwenziwa ngabantu bendawo.

Usonkontileka useqashe abantu bendawo abawu-25, osonkontileka abancane abayisithupha nabantu abasha ababili abathola amava omsebenzi,” kusho uMeya Kaunda.

Uthe lolu hlelo luzothatha izinyanga eziwu-12 wengeza ngokuthi akukho ukuphazamiseka okulindelwe wuMasipala njengoba kuqashwe abantu bendawo futhi kusetshenziswa osonkontileka bendawo kulolu hlelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *