Masiqale sivule amehlo kulesikhathi seziphithiphithi zamaholidi okuphela konyaka

Sanibonani bantu bakithi, ngithi anginikhuthaze sesibheke ezikhathini ezinzima zeziphithiphithi zokuphela konyaka. Izigebengu zidlangile ngicela ukuxwayisa abezitokofela baqaphele emihlanganweni yabo yokwehlukaniselana lokho abakuqoqe unyaka wonke ikakhulu imali . 

Kunezigebengu eseziqalile ukuhogela umoya walapho abantu bezitokofela beyohlangana khona bese zibabamba inkunzi. Ngiyanikhuthaza ningahlangeneli noma yikuphi kodwa nifune izindawo eziphephile lapho kungebelula ukuthi umuntu enze ubugebengu. Asivuleni amehlo kukho konke esikwenzayo sekuyaqala kuba kubi langaphandle . 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *