Usungule inkampani yokusiza amabhizinisi ngamasu okuhweba ngempumelelo

ESITHOMBENI: UMsunguli weBotho Digital Agency uMnu. Nhlakanipho Tsele Brand Strategist

THOBILE MBATHA

Owasungula inkampani iBOTHODIGITAL AGENCY (PTY) LTD ngo-2020 i-ejensi egxile ekwenziweni komkhiqizo nokuthuthukiswa kwemikhiqizo yamabhizinisi amancane ngamasu okuwasiza aphumelele uMnu. Nhlakanipho Tsele, usebenzela ekhaya kusukela baphazanyiswa ubhubhane i-Covid-19  kepha  uyethembisa ukuthi bazobuyela ehhovisi ngonyaka ozayo.

Ekhuluma ne KZN Namuhla uthe, ngiqale lelibhizinisi ngemuva kokusebenza iminyaka emibili njengo Graphic Designer  kanye ne Product Designer. Ngalesosikhathi ngangibona ukuthi ukuze amabhizinisi akhule futhi enze imali adinga okungaphezu  komkhiqizo noma amasevisi  adinga isu elihle lokuhlinzeka kangcono amakhasimende.

Ngakho ngisebenza ngokukhethekile ekusizeni ukukhula kwebhizinisi kanye namaqhinga amahle owalandelayo okuwumgomo wakho webhizinisi, engithanda abantu bekuqonde ukuthi iBrand akuyona iLogo ngoba abantu abaningi benganancazelo ngalokho kepha iveza ulwazi olutholwa yikhasimende. Kusukela ekuhlonzeni inhloso yomkhiqizo,  umbono,  inhloso, ubuntu konke lokhu kusiza amabhizinisi ukuthi axhumane kalula nabantu.

Ngigxile kakhulu ekusizeni amabhizinisi ukuze akwazi ukusebenzisana kahle ngendlela ethinta izinhliziyo, imizwa yabantu  ngoba ngibone emaningi amaphutha enzekayo emikhiqizweni ehlukene. Ukuthuthukiswa komkhiqizo kwenza ikhasimende lihlale likulangazelela ukubuya ebhizinisini. Ngizimisele ukusiza abanikazi bomkhiqizo namabhizinisi bazithuthukise futhi benze umkhiqizo abantu abazowuthanda.” Esho

Engisiza ngakho kakhulu ilokhu  Brand  strategy, workshop Product Strategy  kanye nama-workshop athinta ibhizinisi. Ongathanda ukuxhumana nami engashayela kulenombolo: 083 5246 748/ 067 0705 777 email: nhlakat1@outlook.com/nhlaka@.bothodigital.co.za.