Kuzomenyezelwa abawine kowe Tourism Business Awards

Selidumela emasumpeni njengoba namhlanje ngoLwesihlanu lomhlaka 15 Juni kuzobe kukhetha ukhethi ngesikhathi kumenyezelwa labo abadle umhlanganiso kowe 2nd annual Durban Tourism Business Awards (DTBA, ozobe uqhubeka khona e Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Umphakathi uyanxuswa ukuthi ungalinge uphuthelwe ilomcimbi ozobe usezingeni eliphezulu futhi ozobe ubukwa ngisho ezinkundleni zokuxhumana Durban Tourism, ngesikhathi kutonyulwa amagama abantu abadle umhlanganiso njengoba babalelwa ku 155 abebengenele ngokuqokwa.

Uphiko lwe annual Durban Tourism Business lihlose ukuthi bonke abazoqokwa babekwe ezingeni eliphakeme futhi kwezokuvakasha baphinde bamakethwe kubavakashi abafika kuleli, kanti enye inhloso ukuthi liqoke labo abenza umsebenzi osezingeni ongakwazi ukumeketheka lapha eMzansi kanye nakumazwe angaphandle.

Phakathi kwemikhakha okuzobe kuqokwa kuyo kubalwa kubalwa Accommodation, Visitor Experience and Restaurants, Meetings, Exhibitions, Special Events, Tourists Guides, Tour Operators, Rickshaw Pullers, Crafters, Event Owners and Promoters neminye.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.