UMasipala wetheku usalokhu uqhubekile nomkhankaso wokuhlanza nangonyaka ka-2023.lokhu kuvele ekhasini likamasipala likafacebook bathe, iMeya uMxolisi Kaunda yethule umkhankaso othi MOTHER OF ALL CLEAN UPS, okuwumkhankaso obubanzi kakhulu. lomkhankaso ohlanganise izindawo eziwu-13 esingabala lezi ezilandelayo, iCBD, City Hall, ICC, Albert Park, Warwick, Moses Mabhida Stadium, Point, South beach, North beach, uMgeni. , Musgrave, Greyville ne Dalton Hostel.
Beqhuba bathe, idolobhakazi itheku lenze uhlelo oluphelele lokusebenza oluzogxila kule misebenzi elandelayo:
• blocked drains, overgrown grass, overgrown trees, street lighting, unauthorized building works, water and sewer leaks, enforcement of by-laws, bad buildings, traffic congestion, open trenches on sidewalks, potholes, damaged manhole covers, homelessness, illegal dumping
La maqembu akhona ahlonza izinselelo kwezinye izindawo, ikakhulukazi ezindaweni eziseCBD ezihlanganisa iPinetown, iSiphingo, Verulam kanye noThongathi.
IMeya ijabule ngokuthi umkhankaso wokuhlanza usuqala ukuveza imiphumela emihle njengoba amazinga enhlanzeko esengcono kwezinye izingxenye zeCBD.

