IDomino Foundation ithuthukisa osomabhizinisi bendawo

Esithobeni: Ithimba le Mathusi Catering ngesikhathi belungisa isidlo sasemini kwi Domino Foundation’s parenting workshop, kusukela kwesokunxele Ntombi Mhlongo; Nkosingiphile Mhlongo; Mabeki Gumede; Siyabonga Thusi and Nonhlanhla Thusi.

SHEILA MHLONGO

Inhlangano engenzi inzuzo iDominion Foundation(NPO ne PBO) yenza umsebenzi omuhle wokuthuthukisa osomabhizinisi abancane ukuze nabo basimame, lokhu kuhlaluke ngesikhathi lenhlangano isingathe iWorkshop yabazali (Family’s parenting workshops) ebibanjelwe esikoleni samabanga aphansi  Ekuthuleni Primary School esendaweni yaseMaoti enyakatho neTheku.

Ngesikhathi sokudla kwasemini (Lunch Break) emva komhlangano wokucobelela ngolwazi abazali, bezingane inhlangano iDominion inikeze ithuba lokuhlinzeka ngesidlo sasemini kwabe Mathusi’s Catering bakhona endaweni yase Maoti ukuze nabo bahlomule.

Abahleli be Dominion Foundation Life Skills program esebenza ngabafundi bezikole zamabanga aphansi  ukubacija ngolwazi olumayelana nezimpilo zabo ukuze bafunde nokuthatha izinqumo eziphusile ezizobayisa endleleni eya empumelelweni ngezimpilo zabo, bathi kubona kube intokozo ukuthi basebenzise abapheki bendawo, (local caterers)

Ngokusho komholi we Life Skill, uThobile Msani uthe banamagama amathathu okuyiwo ayiziqubulo zabo okuyi Relief; Justice and Empowerment.

“Kunokuthi silibele sibheka ngaphandle kwendawo yaseMaoti kusijabulise kakhulu ukuthola abapheki abanekhono lokuphatha ibhizinisi  lokudla basemphakathini wendawo, futhi singajabula kakhulu uma singaphinde  sithole abanye osomabhizinisi esingakwazi ukusebenzisana nabo khona lapha eMaoti”. Kusho uThobile Msani.

Isitatimende siphetha ngokuthi uThobile angathintwa enombolweni ethi: 031 110 0730 noma athintwe nge Email ethi: Lifeskills@domino.org.za.

Mayelana nenhlangano I Domino Foundation | Boilerplate

Inhlangano iDomino Foundation  ibhaliswe ngokusemthethweni njenge NPO and PBO, inhloso yayo ukubona abantu kanye nemiphakathi yaseNingizimu Afrika iphila impilo ehloniphekile ebhekelelwe ezomthetho futhi onethemba. Lokhu ikwenza ngezinhlelo zayo eziyisishagalombili (8). Nsuku zonke lenhlangano iDominion ithinta izimpilo zabantu ababalelwa ku13,500 kulolo lonke leli laKwaZulu-Natali.

Le-Foundation iwugcina wonke umthetho  wezamabhizinisi(100% compliant in terms of the B-BBEE codes)Kanti iyakwazi ukunikeza umhlomulo ezinkampanini kanye nakubantu nje kuya ngomkomnikelo wabo abawukhiphayo. Lenhlangani ifisa ukuthola abanye engakwazi ukusebenzisana nabo ukuze ifeze umgomo wayo  wokushintsha izimpilo zabantu(#DominoEffect of changed lives, changing lives).

.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *