NKOSIE NTOMBELA
Isikole esakhele indawo yaseMnini uMnganiwakhe High School sithi simi ngomumo kwizinhlelo zaso zokulungiselela ikota yesithathu kulonyaka.
Engxoxweni ebikhona phakathi kweNtatheli yeKZN Namuhla uThishomkhulu wase Mnganiwakhe uMiss Mkhize uchaze kabanzi ngezinhlelo zabo zokuqinisekisa kulonyaka bayabacija abafundi babo abanethemba lokuthi bazothola imiphumela emihle kubona.
“njengoba sikhethe ukwenza iMatric Boot Camp inhloso yethu ukuba nabo nje sihlale phansi bengayi emakhaya sifundisane siphinde sibacije ngendlela ekmele bazisebenzise ekwenzeni kahle njengoba sekuseduze kubhalwe izivivinyo zokugcina onyakeni okunye sibheke ekutheni imiphumela yethu siyiphinde ngokubili ngoba onyakeni odlule loluhlelo sibonile lusisizile senzakahle siwuMnganiwakhe.Sibonga kakhulu nakubazali nakwinhlangano ye School Governing Body kakhulukazi makwi garaji lendawo I Shell Ultra City ngokusinika izinsiza kusebenza kule book camp esobanayoz” kuphetha uMiss Mkhize.
Loluhlelo luvuleleke kumalunga omphakathi azokwazi ukuzocobolelana nabafundi ngolwazi kakhulukazi njengoba sisendaweni yomphakathi.
Lohlelo luzoqala ngezi 27 August 2023 khona eMnganiwakhe High School eMgababa.


