KUGQUGQUZELWA ABANIKAZI BAMA SPAZA-SHOPS UKUBA BABHALISE IZITOLO ZABO UKUZE BEZOHLOMULA NGOXHASO LUKA HULUMENI

OWAMI THABETHE

Njengoba osomabhizinisi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya ezweni lonke bethola amaphepha abo ukuze baqinisekise ukuthi bayayilandela imithetho kahulumeni yokuphatha i-spaza shop, izindaba ezimnandi wukuthi uma sebethole imvume yokuhweba ngokusemthethweni bangakwazi ukufaka izicelo zoxhaso ezikhungweni zikahulumeni.

Ngezinhlelo ezifana ne-Township and Rural Entrepreneurship Programme (TREP) noma iSpaza Shop Support Scheme, osomabhizinisi bangakwazi ukuthola usizo lwezezimali oludingeka kakhulu.Ngasekuqaleni kuka Novemba, uhulumeni wethule uhlelo olusha olujwayelekile lomthetho kaMasipala wezomnotho wasemalokishini ohlinzeka ngenqubo elula yemvume nokubhalisa.

Ukuqhubeka nokweseka amabhizinisi asemalokishini, oMasipala bazoqhuba izinkundla zokucobelelana ngolwazi, ukuqeqeshwa kanye nokutholakala kwezinsiza ezibalulekile njengengqalasizinda nezimakethe. Le ndlela isiza abanikazi bamabhizinisi amancane ukuba bathuthukise amandla okusebenza. “Uhlaka olusha lomthetho kaMasipala omusha wethula uhlelo lwezimvume nokubhalisa olusebenza kahle oluhlinzeka ngemihlahlandlela ecacile emabhizinisini, okuhlanganisa ukufinyelela ngokomzimba nangokwe-inthanethi kumafomu okufaka izicelo,” kusho uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu (COGTA) .

Izikhulu zikaMasipala zizosiza abafake izicelo kulolu hlelo, ziqinisekise ukugunyazwa ngesikhathi kanye nokusebenza kahle kwamabhizinisi amasha navele akhona.

Nayi indlela yokufaka isicelo

.• Bhalisa ku-https://smmesa.gov.za/ futhi ugcwalise ulwazi oludingekayo. Uma usuqedile, uzothola i-imeyili enenombolo yakho yereferensi ethi smmesa.gov.za.

Ngemuva kwalokho uzobe sufaka iscelo sakho nawowonke amaphepha azodingakala.

Uma ufuna ukufaka iscelo sohlelo lokusekela isitolo se-spaza, uhlelo lweSefa’s spaza-shop support luqondiswe kosomabhizinisi basemalokishini nabasemaphandleni abanezipaza, abadayisi abajwayelekile noma izitolo zokudla.Ihlinzekwa ngokubambisana nabakwaNedbank ngeSefa Khula Credit Guarantee Scheme. Isicelo ngasinye sizohlolwa ngokwemibandela elandelayo:

• I-spaza shop/store kumele siphathwe futhi -sisetshenziswe ngumnikazi.• Umnikazi kumele abe nomazisi waseNingizimu Afrika osemthethweni.

• Kufanele abhalise ne-SMMESA (https://www.smmesa.gov.za/).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *