SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDktl. Aaron Motsoaledi ukhuthaza abantu abadla imishanguzo yama-ARV ukuthi baqhubeke nokuyisebenzisa. Lokhu kuza emuva kokuthi uMengameli wase United State of America (USA) uMnu Donald Trump ememezele ukuthi kuzoke kuthi ukuma ukuxhasa elakuleli ngezimali ngoba usafuna ukuyibhekisisa kabusha indaba yaloluxhaso.
Ukumiswa kwaloluxhaso lwemali (funding) luzophazamisa nakakhulu uhlelo lukaMengameli wase US olwaziwa nge Emergency Plan for Aid Relief (PEPFAR), okuhloswe ngalo ukuvikela, ukunakekela kanye nokwelapha. Loluhlelo luxhasa amazwe ehlukene okubalwa neNingizimu Afrika, ukuze kunciphise ukwesuleleka ngegciwane le –HIV.
UNgqongqoshe lokhu ukusho ngesikhathi enesithangami nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka iLekgotla ye-Khabhinethi ngoLwesithathu olwedlule.UMotsoaleti uthe uhlelo lemishanguzo yama ARV lona angeke luthikamezeke, ngoba lona luxhazwe uhulumeni wakuleli kanye ne Global Fund.
“Okwamanje zonke izinhlelo ezimayelana ne HIV/AIDS zisaqhubeka, njengohulumeni waseNingizimu Afrika sifuna ukuqinisekisa ukuthi akekho umuntu ozoyeka ukuthatha imishanguzo yakhe yama-ARV, ngoba lokho kungadala inkinga enkulu.” Kusho uMotsoaledi.
“INingizimu Afrika inezifunda ezibalelwa ku 52 kanti kuzona ezingu 27 zithola uxhaso lwe PEPFAR.Lokhu kwenzeka ngoba iPEPFAR yaqoka izifunda ezingu 27 ezithintekayo, kanti lezifunda zisezifundazweni ezibalelwa ku-8, ngoba kwakhethwa izifunda ezithwele kanzima ngenxa ye-HIV/AIDS, iNorthen Cape isona kuphela isifundazwe esingazange sithole uxhaso.” Kusho uNgqongqoshe.
IKwaZulu-Natali ingesinye sezifundazwe ezithola uxhaso kuzifunda ezingu 27, ezinhlanu zise Eastern Cape, ezine zise Gauteng, ezintathu ziseMpumalanga kanye nase Nothern Cape, zimbili eLimpompo nesisodea eWestern Cape.
Babalelwa ku 271,606 abantu abangaphansi kwaloluhlelo kulezifunda ezibalelwa ku 27, kulezifunda abangu 256, 452 bona baxhaswe uhulumeni waseNingizimu Afrika, lokhu okushiya abantu ababalelwa ku 15,145 okuyibo abozothinteka ngokumiswa koxhaso lwaseMelika.
“Inkinga yethu enkulu kuzoba ukukhokhela abasebenzi kanye nezindlelo zokuqhuba umsebenzi, yilokhu kuphela esikubhekayo sinoMgcinimafa kuzwelonke.” Kusho uMotsoaledi.
Uxhaso olukhulu lokuqhuba uhlelo lwe HIV/AIDS olungu 74% luvela kuhulumeni waseNingizimu Afrika, kuthi olungamaphesenti amabili (2%) luvela ezinkampanini ezizimele.
“Lokhu kusishiya nesikhala esigcwaliswa abe Global Fund olusinikeza u 7% bese kuba olwe PEPFAR elingu 17% esithenga ngalo ama-ARV ngokuhlanganyela nabe Global Fund.”Kusho uMotsoaledi.
UMotsoaledi uthi nakuba kukhona ushintsho ngoxhaso kodwa uhulumeni waseNingizimu Afrika akakatholi lwazi mayelana nalokhu.
“Okwamanje asikatholi incwadi evela kuhulumeni waseMelika, loluxhaso siluthola seluqhamuka ngakuMgcini Mafa kuzwelonke, kanti nayo futhi ayikho incwadi abayitholile, ngisho noMnyango wezeMpilo kanye nowe International and Cooperation Relations nawo lutho awukatholi incwadi.”
“Sike sazama ukuxhumana neUS Embassy kodwa asikwazanga ukubathola, ama NGO kanye nama Clinic iwona kuphela athole incwadi.”Kusho uMotsoaledi.
Kubantu ababalelwa ku 63 million baseNingizimu Afrika abangu -7,8 million bakhungethwe igciwane le-HIV kanti abangu- 5.5million bona badla imishanguzo yama-ARV. SANews.gov.za

