OWAMI THABETHE
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba umemezele ukuthi iDolobha selikulungele ukusingatha imidlalo elindelwe ngabomvu yamaSALGA ka-2024 emcimbini obuse-Oceans Mall eMhlanga, mhlaka 22 Novemba.
IMeya uXaba ithe idolobha lizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi libamba imidlalo yamaSALGA eyimpumelelo.UXaba uthe umkhakha wezokuvakasha uzoba matasa kakhulu futhi uzothola ukwesekwa kwezomnotho ngokusingathwa kwale midlalo, kanjalo nokuvuleka kwamathuba emisebenzi yetoho.
IMeya uXaba yengeze ngokuthi iDolobha liyaziqhenya ngokukhiqiza izihlabani ezimbili ezigqamile kule midlalo, abafana no-Alwande Mngwengwe osesebenza neSekhukhune United noRonnel Donnelly weQembu Labesifazane laseWestern Cape United.“Kutshalwe u-R40 million wokuthuthukisa nokunakekela amabhishi ethu nezindawo zemidlalo. Siya ngokuya siqina njengoba silwela ukuba imicimbi kanye nenkunzi zemidlalo zibanjelwe kuleli dolobha lethu,” kusho iMeya uXaba.
Imidlalo yalo nyaka ithembisa ukuthi izoba yinhle kakhulu. Omasipala bezifunda eziyishumi, ngokubambisana noMasipala weTheku, bazobhekana ngeziqu zamehlo ngemidlalo engu-13 kusukela mhlaka-5 kuya ku-8 Disemba. UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMtomuhle Khawula uthe uzoma aphinde aliseke ngokweqiniso iTheku sengisakhathi sama SALGA Games. Uphinde wakhuthaza ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene ukuze lemidlalo ibe yimpumelelo nokukhombisa ubumbano esifundazweni sonke.
“Siyabonga eThekwini ngokusisingatha. Imikhakha eyahlukene izohlomula kule Midlalo – futhi sithembisa ukubeka unyawo lwethu phambili. Ukuthuthukiswa kwentsha kusaqhubeka nokuba seqhulwini lapha kithi,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.


