NKOSIE NTOMBELA
Isikole esakhele indawo yaseNkwali KwaThoyana sibenomcimbi wokuklomelisa abafundi abenza kahle kwizifundo zabo ngomhlaka 26 September 2023. Ngokusho kuka thishomkhulu ongamele lesikole uMnu Dlamini unabe kabanzi ngokubaluleka kwalomcimbi wokuklomelisa abafundi. “inhloso yethu ukukhuthaza abafundi kusuka ku Grade 8 kuyaku Grade 12 okusemqoka ukubagqugquzela ekwenzeni kahle kwizifundo zabo njengoba kulonyaka silindele imiphumela emihle , sinezinhlelo esiziqhubayo zokulekelela umatikuletsheni wethu wangalonyaka futhi sesimi ngomumo ekubhaleni izivivinyo zokuphela konyaka ngibonga kakhulu nakubazali nakwisigungu sesikole ngokubambisana okuhle sibonge neqembu lomculo i United Brothers okuyiyo esibambisene nayo kuhlelwa lemikomelo yabafundi” kuphetha uMnu Dlamini
Khonamanjalo nomhleli kwi United Brothers uLungelo Ngidi unabe kabanzi ngokubaluleka kwemfundo endaweni abayakhele beyiqembu “siyi United Brothers sizokhuthaza ukuze lesikole kunyuke imiphumela njengoba sikhona sizophakamisa ukubaluleka kwemfundo emphakathini ngoba iyona kuphela eyoshintsha isimo sendawo yangakithi”.Umcimbi uvalwe ngedili lomculo lapho I United Brothers idlalele abafundi izingoma zayo ezitsha ezikwi albhamu entsha abazoyethula khona emphakathini ngezi 14 Okthoba 2023.


