Uzoqala maduze umsebenzi wokulungiswa kwe Tongaat Bridge

“Ithenda livaliwe ngomhlaka-12 Meyi 2023, kuhlomule i Empa Structures (Pty) Ltd ngalethenda lika 54 Million lezinyanga eziyisthupha ngolwesibili mhlaka 13 Juni 2023. Bekuyithenda elivalekile lapho kwamenywa izinkampani ukuthi zibhide. U SANRAL uke waba nemizamo yokuqoka usonkontileka ozokwenza lomsebenzi izikhawu ezine ungaphumeleli ngenxa yokungaphendulwa nokungafakwa kwezicelo” kusho u Mpho Nephembani oyi project Manager ku SANRAL kwisifunda sase Ningizimu.

U SANRAL usebenzisane nezikhulu zesifundazwe kanye nomasipala Kwazulu-Natal ukuqhuba loluhlelo lokwakho nokuvuselela leli briji

 “Siyajabula ngokuqala kwalomsebenzi. Kube ngumdanti omude kodwa  kuzosiza ekubuyiseni imvelo ezimpilweni zabahlali nabashayeli bezimoto ngemuva kokukhahlanyezwa izikhukhula.”