UHulumeni ufuna ukwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu abakhubazekile

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Izikhulu zoMnyango wabeSifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka (DWYPD) zibambe iqhaza emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi wezinsuku ezintathu okuhloswe ngawo ukuthuthukisa izinga lokulethwa kwezidingo kubantu abakhubazekile. Umhlangano wokucobelelana ngolwazi osanda kubanjwa ubuxhaswe yi-United Nations Population Fund (UNFPA) -eyokulingana, ukubandakanywa kwabakhubazekile ,imithetho , ukuhlela nokwabiwa kwezimali, ukuqapha nokuhlola ngezinye zezinto okukhulunywe ngazo.

Umhlangano wokucobelelana ngolwazi ububanjelwe ePitoli uhanjelwe nayikhulu zikahulumeni ezivela kwezezimali kanye nezinye izindawo ezibalulekile zikahulumeni ezivela kuzo zonke iziFundazwe eziyi-9, ezimele amazinga kazwelonke, eziFundazwe kanye nawasekhaya.

“Lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi ube yingxenye yezibopho ezenziwa nguNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli wabeSifazane, Intsha kanye Nabantu Abakhubazekile, uMaite Nkoana-Mashabane, ngenyanga yokuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile ka-2022.

“Lo msebenzi ubuyingxenye yoMkhankaso wezinsuku ezingama-365 womnyango wokuqwashisa ngokukhubazeka, kanye nokuqeda imibono engemihle ngokukhubazeka.

Lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi uhambisana nendikimba yenyanga yokuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile yangonyaka odlule, eyayithi ‘Ukuhlomisa Abantu Abakhubazekile Ngezindawo ezinobuhlakani, ezisimeme neziphephile’.

“Uhulumeni unesibopho sokuqinisekisa ukuthi izikhulu ziyakwazi ukusebenzela abantu abakhubazekile, ikakhulukazi ezinhlelweni zohlelo  lwesabelomali,” kusho uMnyango.