SHEILA MHLONGO
USomlomo weTheku ukhansela Thabani Nyawose uhlanganise abamabandla ngenhloso yokuxoxisana nabaholi bezenkolo mayelana nokusebenzisana noMasipala weTheku ukuze kwenziwe umsebenzi wokulethwa kwezidingo kubantu ngendlela egculisayo.
Babalelwa ngaphezu kuka 100 abaholi bezenkolo abebehambele lomhlangano nabebevela kuzozonke izindawo ezakhele iTheku, noMphathi dolobha uMnu Sipho Mbhele naye ubekhona kulomhlangano kanti uzwakalise ukuthi kubalulekile ukuthi izakhamizi zaziswe ngezinhlelo zikamasipala kanye nezindlela okuzokubhekwana ngazo nezinkinga ezikhungethe umphakathi.

