THAMI SHESHANE
IMeya yeTheku, ukhansela Mxolisi Kaunda, uthi ukuhamba kancane kwezidingo zomphakathi kudalwa ukudunwa kwezimoto zabasebenzi kanye nezosokontileka.
Ekhuluma kwinkulumo yakhe yeState of the City Address, uthe kulonyaka uwodwa sekudunwe izimoto ezifinyelela kumashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu (95) nosekubambezela intuthuko emiphakathini edinga usizo kanti futhi kuyabakhahlameza nabasebenzi bamasipala. Lezi zimoto ezidunwayo zidunwa kakhulu e Mayville, Folweni, Umlazi, KwaMashu, Inanda, Zwelibomvu, Hammarsdale na KwaNdengezi. Imeya inxuse umphakathi ukuthi ulwisane nalobugebengu ngoba bubeka izimpilo zabasebenzi engozini kanti futhi buyimbangela yokugqoza kokuhanjiswa kwezidingo emphakathini

