ISibaya Community Trust ifake imali engaphezu kuka-R4 million eBayview

THOBILE MBATHA

ISibaya Community Trust ibuyise ithemba njengoba  ifake imali engaphezu kuka-R4 million esikhungweni somphakathi eBayview.

Ngokusho kwesitatimende sithe, kube nomcimbi wokuphendulwa kwesoyi kwezidingo zomphakathi ezidingeka kakhulu, lapho iSibaya Community Trust izotshala imali engaphezu kuka-R4 million. UBrandon Pillay, oyilungu le-ANC ePhalamende likazwelonke, ube nombono wokwakha nokuthuthukisa izinsiza zomphakathi kubahlali baseBayview eChatsworth.
Uphinde abe yilungu elisungule i-Bayview Flats Residents Association, eyasungulwa ngo-1999 ngokuholwa yiqhawe elingasekho uSolwazi Fatima Meer.
Kulo mcimbi wokuphendulwa kwesoyi obuhanjelwe ngumsunguli nosihlalo weSibaya Community Trust, uMnu. Vivian Reddy noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Nonhlanhla Khoza, kumenyezelwe ukuthi ukwakhiwa kwesikhungo somphakathi Ubuntu Bayview kuzoqala emasontweni ezayo.
UNgqongqoshe uKhoza uthe kuyamjabulisa ukuzwa ukuthi iSibaya Community Trust isisebenzise imali engaphezulu kuka-R250 million ukuthuthukisa umphakathi waphinde wabiza uReddy njengobaba weKwaZulu-Natali ngezinhlelo zakhe zokusiza umphakathi kanye nomthwalo awuzwayo kubantu ababuthaka kakhulu emphakathini.
Kulo mcimbi, uPillay ucabangisise ngomhlangano wakhe wokuqala noReddy, owathembisa ukuthi iphupho lakhe lokuletha izidingo kubahlali baseBayview lizofezeka.Ukwakhiwa kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngoJulayi.