SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwe lonke uDktl. Joe Phaahla usekhiphe isitatimende lapho ethembisa khona ukuthi bewumnyango benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi baqasha odokotela abangasebenzi abafisa ukusebenza ezikhungweni zikahulumeni.UNgqongqoshe uthembise ukuthi ukuqashwa kodokotela kuzoqala ngomhlaka 1 Ephreli 2024.
Udaba lokuqashwa kodokotela luza ngemuva kokuthi kube nesikhalo esikhulu sokungaqashwa kodokotela abasuke sebephothule izifundo zabo baze baqenda nokusebenza ngaphansi kwezikhungo zikahulumeni njengengxenye yoqeqesho lwabo.
“ Kuyangijabulisa ukusho ukuthi emva kokusebenzisana noNgqongqoshe wezeziMali sikwazile ukuqhamuka nesu lokuxazulula lenkinga esinayo yokungaqashwa kodokotela. Manje sizokwazi ukuqasha labo abafisa ukusebenza ngaphansi kwezikhungo zikahulumeni”. Kusho uPhaahla.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesizwe uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ushilo naye ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uyena ozonaba kabanzi mayelana nemali ezobhekana nokuqashwa kodokotela, uma esethula inkulumo yeSabelomali.
“Ithimba lethu ezingeni likazwelonke limatasa lisebenzisana nehhovisi loMgcinimafa kuzwelonke likanye nemiNyango yezeMpilo ezifundazweni ukuphuthumisa izinhlelo zokuthi kuthi kushaya umhlaka 1 Ephreli 2024 kuqashwe odokotela abangakasebenzi”.Kusho uPhaahla.

