I-Adopt-a-School Foundation ibonga i-Sasria

THOBILE MBATHA

I-Adopt-a-School ibonga umlingani onikelayo i-Sasria inikeze isikole iHlahlindlela Secondary School KwaNgcolosi, eHillcrest indlu yangasese ebidingeka,okuwukuthuthukiswa kwengqalasizinda izoshitsha nezimpilo zabantu abangu-1291.

Bekhuluma nephephandaba lomphakathi i-KZN Namuhla bathe, Konke kuyingxenye eyimpumelelo ye-WSD eyethulwa ngo-2007 emayelana nezinhlelo zezeMfundo ezenzelwe ukubhekana nengqalasizinda  zezikole. Isikhulu esiphezulu se-Adopt-a-School Foundation uSteven Lebere uthe, “Lendlela isize ukuletha imfundo esezingeni ezikoleni eziwu-643 ezintulayo esiFundeni sonke

Sibonga kakhulu kumxhasi wethu, iSasria ngaphandle kwalokho isikole besingeke sibe nendawo yangasese ebidingeka kakhulu, Lesi sikole siqale ukuthola ukwesekwa ngesikhathi samkelwa ngo-2014. I-Sasria ixhase iHlahlindlela Secondary School ngo-2022. Njengoba sinabafundi abawu-1256 nothisha abangu-35 esikoleni sethu, bekunesidingo esiphuthumayo sokwakhiwa kwendlu yangasese esebenzayo sibonga kakhulu kumxhasi wethu u-Sasria.” kusho uthishanhloko uMnu. Blose.

I-Foundation isebenza kuzo zonke iziFundazwe eNingizimu Afrika, eLesotho nase Mozambique ngokwazi kabanzi vakashela iwebsite ethi: www.adoptaschool.org.za. Thumele i-email: zjacobs@adoptaschool.co.za noma ushayele ku-011 592 6580.