ZETHU PHOSWA
NAKUBA intuthuko ivamise ukugqoza, ize ngesivinini sonwabu, kodwa okwenzeka kuMasipala waseNdwedwe kwehlukile, kulandela ukuphendulwa kwesoyi, lapho kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo, ngoLwesihlanu.
Lo masipala osendaweni yasemakhaya, abantu abawakhele bakuthakasele kakhulu ukwethulwa kwalolu hlelo, oluzothuthukisa impilo kanye nenhlalo yawo.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kumalunga omphakathi, kubonakala ukuthi igcagcele esokeni.
uNksz Zinhle Ngcobo ongaphansi kwalo masipala uthi sekukuningi okuhle okwenziwe ilo masipala.
“Uma sekusetshenzwa lo masipala ubhekelela umphakathi kuqala. Asinanazi ukusho ukuthi lo masipala impela wenza sikwazi, ukuziphilisa. Ukwakhiwa kwale nxanxathela kufike namathuba amakhulu,” kubeka uNksz Ngcobo.
Lo mcimbi wokuphendulwa kwesoyi ubuhanjelwe iminyango kahulumeni UMkhandlu weLembe, iLembe enterprise, Umnyango wezemiSbenzi neNgqalasizinda kuzwe lonke, uMnyango wokuHweba and Competition, uMnyango wozkuBambisana kuHulumeni neZindaba zoboli bendabulo
UMhloniswa Samuel Mfeka oyiMeya yakulo masipala, uthi kuyixhathu elikhulu leli, elizothuthukisa umphakathi, liphinde lidale amathuba emisebenzi,
“Thina siyizisebenzi zomphakathi njengoba kunguwo owasikhetha, yingakho siletha intuthuko kuwo njengoba sasithembisile ukuphucula impilo yawo. Njengoba basikhetha ngokusethemba nathi kufanele sisebenzi ngokuzikhandla, ukushiya uphawu lapho sidlule khona,” kubeka uMhlonishwa Mfeka,
Uthi izitolo ezizokwakhiwa kule nxanxathela kubalwa uShoprite liquor, iLocal choice Pharamcy , iDoctors rooms, uPep cell, uClothing junction, iShawarma world
neBeauty world

