WONDER NGCOBO
Isikhungo esifundisa ngezifundo zecomputer kwaZulu esaziwa nge-Avuxeni computer academy KZN sisezinhlelweni zokuvula igatsha elisha eMlazi emva kokuba elinye elabe likhona kwa W emaweleni laphela emva kwezibhelu ezenzeka mhlazingu 11 ku Julayi onyakeni ka-2021 ngenkathi isifundazwe sakwaZulu Natal sivuka injebomvu sifuna kukhishwe owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ngodli ejele lapho abantu bangena ezitolo bazitapela impahla nokwaholela ekushoneni kwenqwaba yabantu kwaphela nemisebenzi kwasweleka nokudla.
Lezindaba zokubuyiswa kwegatsha zivele ngenkathi lesikhungo sinomcimbi wokwethweswa kweziqu abafundi baso lesisikhungo ababevela emagatsheni amahlanu ehlukene kusosonke isifundazwe sakwa Zulu Natal, ahlanganisa i Mandini, uMlazi, Eshowe, Stanger kanye ne Saron. kuvela ngomlomo ka S.K Msweli oyi Area Manager yalesikhungo. wonke lamagatsha ayehlangene eMlazi ehholo lika masipala elikwa D eduze kwendawo yokuwasha izimoto emcimbini owabe ungomhlaka 02 ku November wonyaka owedlule. Lo mcimbi wabe uhlelelwe ukuthi ube seMandini kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwaba nokushintsha kwezinhlelo njengoba uphethe ngokuba seMlazi, kulomcimbi owabe ugcwele kusweleke ngisho indawo yokuhlala njengoba belinganiselwa cishe emakhulwini amabili abafundi ababegqoka amajazi abo kanti isikhulumi sosuku kwabe kumenywe uMnu. Wonder Ngcobo wesikhungo i Ncavana Skills, Training and Development esifundisa ngezamabhizinisi, kanye namakhono, ophinde abe nguMsakazi weNtokozo FM kanye ne Public speaker. kulomcimbi owawudle ngengqephu nezipho.
Okwagqama kakhulu owabe ekhulumela abafundi okwakungu Mnu. V Ndabandaba owaveza ukubaluleka kwemfundo lapho afanisa naye njengoba esekhulile ngeminyaka wathi kodwa uzizwa engaphelele njengoba engakwazi ukusebenzisa i computer okuyikho ke okwamletha kulesikhungo esinodumo ezifundweni ze computer, uNdabandaba waphinde wagqugquzela abantu abasha ukuba bangaliyeki ithuba lokuzithuthukisa wathi yena uyasebenza kodwa akabanga namahloni okubuyela esikoleni ayohlala nezingane ezinye zazo ezingangabazukulu bakhe ngoba wabe azi kahle ukuthi ufunani.
Nakuba isikhungo se-Avuxeni sikhule ngendlela yokuthi sesitholakala nangaphandle kwesifundazwe ikwaZulu Natal kodwa kunombuzo owehlula ngisho izikhulu zakhona ukuwuphendula, umbuzo othi baqashwa kuphi abantu uma sebephothule iziqu zabo kulesikhungo ? okufike kube nzima kakhulu ke ngoba wonke umuntu ofundayo usuke ezibona esesebenza ndawothizeni uma eseqedile ukufunda.
Umzali wabuza kumsebenzi wakhona osesikhundleni ukuthi banawo yini umlando abangaqinisekisa abantu abangamakhasimende abo ngawo ukuthi uma ufunde khona ngeke uhlale ekhaya? kwaba nzima ukuphendula wagcina ngokuthi akuphoqwe muntu ukuba ayofunda khona. Lokho kwafakazelwa nangumphathi wama gatsha wakhona nowabe engumhleli womcimbi ngendlela okwabanzima ngakhona ukuthola izinhlaka ezidingekayo zomcimbi njengalokhu umfundisi owavula ngezwi watholakala ntambama ngosuku olwandulela usuku lomcimbi nathe uma ezithethelela wathi lesikhungo esamabhunu abantu abafuna imali engenayo kuphela. ngakho into ezodinga imali abayifuni nhlobo.
Wathi yingalesosizathu umuntu oqashelwe ukufundisa uphinde enze nemisebenzi ye hhovisi njengokubhalisa abafundi, ukubheka isimo sama computer ngaphambi kokuba abafundi bangene, ukuhlanzwa kwegumbi lokufundela njalonjalo. kodwa into enhle ngabo ukuthi bayawadala amathuba omsebenzi kubantu abamnyama njengoba bonke othisha bakhona bengabantu abamnyama futhi abasebasha nakuba wenqaba waphetha ukulinganisa ukuthi cishe kungaba bakhokhelwa malini njengoba bengena ngo 07:30 bavale ngo 18:00 izinsuku eziyisithupha ngesonto. wathi uma esho njalo kwasifanela njengoba kubikwa ukuthi uma ungumsebenzi wakhona ubekelwa umgomo wabantu abangu 11 ngosuku ozobashelela ukuthi bazofunda okumele bakunike izinombolo zabo zocingo ukuze ihhovisi lizobafonela, unikwe isibalo sabantu okumele baregiste egatsheni bakhokhe imali bese uzonikwa nesamba semali okumele igatsha liyenze ngenyanga uma wehluleka ukwenza lokho izinyawo zigcwala udaka,
Kuze kube manje sisahlezi emthandazweni wokuthi labantwana abakade bethweswa iziqu ngonyaka ofile baqashwe kulonyaka ngoba yinkulu khona imali ekhokhwayo ngisho uzofunda ikheshiya ukhokha imali sengathi uzofunda unyaka wonke. Umcimbi owabe uhlelwe kahle kukhona nezidlo kodwa woniwa ukuqashwa kwabashuthi bomcimbi bomdabu waseNdiya emcimbini wabantu abamnyama bodwa ababemba eqolo ngendlela esimanga njengoba ubukhokha imali engango R250 ngezithombe ezintathu kunjalo nje kungavumeleke muntu onecamera ngaphakathi ngisho nokushutha ngeselula yakho imbala.

