SHEILA MHLONGO
UMkhandlu weTheku ulokhu uqhubeke njalo nokuhlangana namalunga omphakathi ukulungisa inkinga yamanzi ezindaweni eziningi ezakhele idolobha.
Lemihlangano inhloso yawo ukunikeza amalunga omphakathi isithombe mayelana nenkinga ekhona yokungahambi kahle kokuphakelwa kwamanzi,ngesikhathi amathimba ezamanzi kuMasipala weTheku ematasa elungisa isimo iMeya yeTheku nayo ayizibekile phansi njengoba yenza konke okusemandleni ukuxhumana nemiphakathi iwazisa ngezinhlelo zokubuyisela isimo samanzi kwesijwayelekile.
Ngomhlaka 3 Febhuwari uMeya uKaunda ehambisana noNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kwendle uMnu Senzo Mchunu bahambele indawo yase Cliffdale nase Buckfarm ngenhloso yokuwazisa ngalokho osekwenziwe ukubuyisela isimo samanzi kwesejwayelekile.
Ichaza iMeya ithe inkinga yamanzi esibe khona isikhathi eside idalwe ukwanda kwesibalo sabantu endaweni lokhu okwenze ukuthi kube nesidingo sokuthi kulungiswe kabusha ingqalasizinda ukuze ikwazi ukuhlangabezana nesimo samanje.
IMeya ithembise ukuthi uMasipala uzobamba Imbizo ekupheleni kuka Febhuwari ukuze aveze izimpendulo ezimayelana nokuthi zizolungiswa kanjani izinkinga ezikhungethe umphakathi endaweni.

