
SHEILA MHLONGO
Meya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ucacise mayelana nokwehliswa komthamo wamanzi, lokhu okuza emuva kokuthi kuphume umbiko ongaqondile obuthi kuzoba nokunqanyulwa kwamanzi eThekwini ngenhloso yokuwonga.
Ekhuluma emhlanganweni obubanjelwe eDurban ICC ngoLwesihlanu lomhlaka 4 Okthoba, uXaba utshele abezindaba zomphakathi, iCommunity media Forum ukuthi akusilona iqiniso ukuthi kuzonqanyulwa amanzi kodwa kunalokho kuzomane kwehliswe umthamo wamanzi ezindlini ngaphandle kokuphazamisa ukuphakelwa kwawo.
UXaba uchaze wathi inhloso yalokhu ukuthi uMasipala ugwema ukunqanyulwa kwamanzi kanti loluhlelo luzothatha izinyanga eziyishumi nambili (12).
UMeya ube esenxusa izikhamizi zeTheku ukuthi zisebenzise amanzi ngokuwonga
IZITHOMBE ZAMALUNGA ECOMMUNITY MEDIA FORUM ZITHUNYELWE ABO-PHIKO LWEZOKUXHUMANA KUMASIPALA WETHEKU


