UThembelihle okhubazekile usiza abantu abahluphekayo uthi ufisa ukuthola uxhaso

UTHEMBELIHLE MZOLO UTHI NAKUBA EKHUBAZEKILE KODWA UTHANDA UKUSIZA ABANTU ABAHLUPHEKILE, KANTI UFISA UKUTHOLA UXHASO UKUZE AFINYELELE KUBO KUBANTU ABANINGI

UThembelihle Yvonne Mzolo (37) uthi wenza ibhizinisi lokudayisa izimpahla zakwaHoney.Ngokokuzalwa udabuka esigodini saKwaShange ngaphezulu kwaseGezubuso eMgungundlovu kodwa manje utholakala elokishini eMbali Unit 3&J

Uthi uqale ngonyaka ka2001 ukusebenza lomsebenzi, wokudayisa ngezimpahla zakwaHoney

“Ngiwumuntu othanda ukusiza onozwelo kakhulu ngakhoke ngawo unyaka ka2001 ngasiza imindeni eyayidinga ukudla,ngahlanganyela nabazali bami kanye  namalunga ebandla engikhonza kulo sahlanganisa imali(Donation) yokuthengela lemindeni eyayidinga usizo, kanti ngingumtwana okhule ngokukhubazeka ngenhlanhla nangomusa kaNkulunkulu ngakwazi ukufunda ngalendlela yokuthi ngiyakwazi ukucabanga izinto eziningi ezingasiza abantu abadingayo.Njengoba sazi sonke ukuthi mangabe uwumuntu okhubazekile abantu abaningi abasinaki uma siveza imibono yethu,kepha mina ngiyakwazi ukuth uma  kunento engifisa ukuyenzela abantu igcine iphumelele. Ngamafushane nje ngiwumuntu obakhathalelayo abantu,nomphakathi ngihlezi ngifisa ukusiza lapho engingasiza khona”. Kusho uThembelihle.

UThembelihle uthi uyafisa  ukuthola uxhaso ngezindlela eziningi ukuze ezosiza nasezikoleni,ezibhedlela,emasontweni kanye nasemphakathini waseKZN yonkana. Okunye ufisa nokunikela  ngamaPads ezikoleni,ezibhedlela ahambise ukudla ngoba kuyenzeka kube neziguli ezingakaze zivakashelwe muntu,iziguli ezinye azinamindeni ngakhoke ufisa ukuhambisa ukudla okuzolekelela ezibhedlela, aphinde asize emasontweni nasemiphakathini kwabadinga ukudla nezimpahla zokugqoka nokunye okuyizidingo zabantu. “Nginenkampani engayisungula ngoDisemba 2021 iThembelihle Mzolo Foundation engifisa ukuyisimamisa ime  isebenze ikhule ibe wusizo olukhulu emiphakathini njengoba ngisebenza ngabantu abadinga usizo.

Umsebenzi wami utholakala khona la kimina eMbali eJ. Ngiyatholaka nasezinkundleni zokuxhumana ezinjengo Facebook ngiwu-Thembelihle T Mzolo. Inumber engifoneleka kuyo  073-435-8078 nakuWhatsapp u-073 435 8078”. Kusho uThembelihle ephetha udaba lwakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *