SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku ubheka izindlela zokwenza ngcono ukuphakelwa kwamanzi. Lokhu kuza emuva kokuthi iMeya ukhansela Mxolisi Kaunda ngomhlaka 17 Januwari ehambele isiphehlimanzi sase Pinetown lapho ehlangene khona nethimba lezimenenja elingaphansi koPhiko lwe Water and Sanitation.
IMeya uKaunda ubehambele lesikhungo samanzi esisePinetown ngenhloso yokuhlola izindlela okungenziwa ngcono ukuphakelwa kwamanzi kanye nohlelo lokuthuthwa kwendle okusezindaweni ezifana nedamu elisha, Umkhomazi Dam, Zwelibomvu kanye naseNtuzuma.
Ngaphezu kokwenziwa ngcono kokusebenza kangcono kweziphehlimanzi eziseningizimu (southern aqueduct) kanye nokulungiswa kwazo kuzosiza ukuthi kwenze ngcono ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni ezifana naseMlazi, Chatsworth, Ngonyameni nase eFolweni.


