OWAMI THABETHE
UMasipala weTheku welule isikhathi senkontileka yendawo yokuhlala yesikhashana yezimo eziphuthumayo (TEA) kulabo abakhahlanyezwe yizikhukhula ngo-Eprel 2022.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni oyisipesheli wekomidi eliphezulu likaMasipala ngomhlaka 29 Novemba.Esitatimendeni, uMasipala uthe ikomidi eliphezulu ligunyaze umbiko oncoma ukwelulwa kwesivumelwano sokuqashisa esikhona njengamanje kubanikazi bezindawo ezinhlanu abahlinzeka ngendawo yokuhlala yesikhashana ephuthumayo kwabahlaselwe yizikhukhula zika-April 2022 njalo ngenyanga ezingu 12.
“Ukwelulwa kwenkontileka kubalulekile ekugcineni uhlelo lwezindawo zokuhlala zesikhashana eziphuthumayo kuze kube kuphothulwa izindlu .” kuchaza uMasipala.
“Njengamanje kusaqhubeka izinhlelo zokuhlela amaphasela ahlonziwe ukuze kube nesixazululo sezindlu ngokugcwele, kodwa njengoba izindlu zingakakhiwa, kudingeka isichibiyelo ngokweSigaba 116 (3) soMthetho Wokuphathwa Kwezimali zoMasipala .
Kamuva nje ephalamende, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uveze ukuthi ngomhla-1 kuMashi 2023, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke ubukhipha izibonelelo zezindlu eziphuthumayo (ngesicelo) ezifundazweni nakoMasipala abakhahlanyezwe yizinhlekelele njengezikhukhula.UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natali ufake isicelo soxhaso lwezindlu eziphuthumayo ukuze usize imindeni engu-3 089 eyasuswa futhi wabelwa imali engu-R342 133 000 ngonyaka wezimali ka-2022/23.

