Kulesikhathi lapho izimo zomnotho ezingeni lomhlaba ziya ngokushintsha kanye nomphakathi othuthukayo ngolwazi, imfundo iya ngokubaluleka kakhulu. Ngakho ukuthuthukisa abasebenzi ngolwazi kanye nangamakhona kunesidingo esikhulu ukuze izimboni zikwazi ukuncintisana kwezomnotho ezingeni likazwelonke. Lokhu osekudale ukuthi iningi lohulumeni lifake ingcindezi ezikhungweni zemfundo ukuze zikhiqize abafundi abayokwazi ukuqasheka ngenxa yolwazi abanalo. Emhlabeni wonke izimakethe zisesikhathini esiguqukayo. Kati neNingizimu Afrika ayisalanga ngaphandle kulesisimo esishintshay