SHEILA MHLONGO
Idolobha laseThekwini lidume ngokufudumala unyaka wonke, amabhishi alo, isiko lesizwe samaZulu, kanye nabantu balo abanobungani, Konke lokhu ikona okuheha abavakashi kanye nabatshali zimali. Kodwa kamuva nje bonke ubuhle bedolobha elinomnotho selilahlekelwe ubuhle balo ngenxa yokungcola kwamabhishi, ukwehla kwesibalo sabavakashi, izinkinga zokusweleka kwamanzi, ukwanda kobugebengu, amabhilidi onakele kanye nenkinga yokugcinwa kwenhlanzeko.
Ukubhekana nezinkinga zikamasipala uMengameli uCyril Ramaphosa wasungula iThimba lesigungu esingaphansi kwehhovisi lakhe (eThekwini Presidential Working Group) kusukela ngenyanga ka-Ephreli, ngenhloso yokunikeza isaphothi ezingeni likazwelonke kanye nasesifundazweni ukuze kuvuselelwe kabusha uMasipala.
Kusukela emuva kokusungulwa kwalelithimba seleseke imizamo yokwenza ngcono ukulethwa kwezidingo zomphakathi, ukuthenjwa emkhakheni wezamabhizinisi, kanye nokubeka uMasipala weTheku ezingeni elibuyisa ukwethenjwa kwezotshalomali kanye nokuheha ezokuvakasha.
Kanti lelithimba lisebenza ngaphansi kwezingxenye ezintathu zikahulumeni okuhlanganisa abamele izinkampani ezizimele kanye nabezinyunyana.
Ngenxa yokuthi inkinga yobugebengu iyona ehamba phambili neyimbangela yokuncipha kwabavakashi buphinde bubalekise abatshali zimali ukuthi bahambele kude nedolobha. AboMbutho wezamaPhoyisa (South African Police Service) besebenzisana noMkhandlu sebenze imizamo yokwandisa izinhlelo zokuqeda izenzo zobugebengu bandisa nabomthetho emigwaqeni ukuqinisekisa ukuthi bahlezi besemehlweni abantu.
Ngesikhathi kulungiselelwa amaholidi okuphela konyaka kusukela ngomhlaka 1 Okthoba kuya kumhlaka 1 Novemba kwajutshwa amaphoyisa eSAPS abalelwe ku-31, 491 kanye nabombutho ongaphansi kweMetro Police ababalelwa ku-1538 ukuthi basebenze idolobha leTheku ukuqinisa ukuphepha komphakathi.
Ekhuluma nabe SANews mayelana nezinhlelo zombutho wamaPhoyisa eThekwini ukhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uzwakalise ukuthi ukusebenza ngokubambisana phakathi kwe Metro Police kanye ne SAPS kuveze izithelo ezinhle.
“Ukusebenzisana nezinye izinhlaka kusize kakhulu ukudala isimo esiphephile esilethe uzinzo kwezamabhizinisi akwazi ukusebenza kangcono. Umgomo wethu ukuthi sidale isimo esiphephile ukuze kukhuthazeke abamabhizinisi nezakhamizi zethu zithole amathuba okuqashwa.” Kusho uMkhwanazi.
Ngokombiko owethulwe iWorking Group uthi ngonyaka ka-2024 uzinzo kwezamabhizinisi likhuphuke laye lafinyelela ku-24,59%, ngekota yokuqala uzinzo kwezamabhizinisi lifinyelele ku-38.42% okuye kwafinyelela ku- 63% ngekota yokuqala.
UMkhwanazi uncome ukungenelela kukahulumeni kuzwelonke esebenzisa iWorking Group, konke lokhu kwenzeke ngokusebenzisana neminyango kahulumeni okuyiyo eqhuba umsebenzi kwezokuvakasha kanye nezokuphepha, njengoba kwandiswe amaphoyisa ngaphansi kwe metro police.
“ NjegoSAPS sesiphinde semukela amanye amaphoyisa aqashiwe ukuze abonakale phambi kwabantu emgaqweni, ngenhloso yokuwajubela ezindaweni ezigcwele izenzo zobugebengu futhi siwubonile umehluko kwehla nobugebengu.”kusho yena.
Ngonyaka odlule ngenyanga ka Novemba uMkhandlu wamemezela ukuthi uzofaka amakhamera awo (Closed -Circuit Television Cameras) abe ngaphansi kwe Metro Police Unit Fire and Emergency Unit ukuze lokhu kuqinise ukuqapha kanye nokulwa nezenzo zobugebengu kuphinde kube uhlelo lokubhekela izimo eziphuthumayo.
Esikhathini esingaphambili lamakhamera abe eqashwe abe Disaster Management kodwa okwabe kuyinkinga kwabomthetho ukuthi bawasebenzise. Kamuva lokhu sekwenze lula umsebenzi wamaphoyisa ngoba aseyakwazi ukuphuthumisa usizo lokuvikela izakhamizi.
Phakathi kwenyanga ka-Okthoba neka Novemba 2024 kuboshwe izaphulamthetho ezibalelwa ku-1500, kwaboshwa abokufika kuleli abangenazo izimvume ababalelwa ku-150, abangu 322 baboshelwa ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kwaboshwa ababalelwa ku-58, 949 abatholakala nezidakamizwa. Kanti lokhu kube imiphumela yokusebenzisana phakathi kwe SAPS ne Metro Police. SANews.gov.za

