



ITechnology idlala indima enkulu ekuthuthukiseni ukufunda kulesikhathi samanje lokhu kuhlaluke ngesikhathi kade kubanjwe iLiteracy Summit ngomhlaka 11 Ephreli eAlbert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
LeSummit ibibanjwe ngaphansi kwesihloko esithi ‘Cultivating literacy for a world in transition’. Kanti bekunezikhulumi ebezivela ezikhungweni ezahlukene ezivumelene ngazwi linye lokuthi iTechnology yenza kube lula ukufunda okulekelelwa nakakhulu izinkundla zokuxhumana kafushane Digital Plartforms.
Ukhansela uCheryl Sisoka uzwakalise ukuthi uMasipala weTheku ukuthokozele kakhulu ukubamba iqhaza kuyona leSummit ebihlanganise izikhulumi ezahlukene ebezidingida izinkinga ezimayelana nokungakwazi ukufunda kubantwana.Wathi uMkhandlu uyaziqhenya futhi ngokuthi ube iUNESCO City of Literature, okuyinto ebonakalisa impumelelo yedolobha laseThekwini.

