Umbono ka Zanele Mbambo kwa Ngcolosi Eshowe mayelana nokukhwabanisa okwenziwa osopolitiki ezweni

MINA ngingathinje yimbi kakhulu lento eyenzekayo yokukhwabanisa ngoba lento ibulala izwe lethu.

Kugcine sekungathi siyizwe elintulayo bantshontsha izimali zezinsiza okufanele ngabe ziza emiphakathini , siswele amanzi, ugesi, imisebenzi, imigwaqo ayilungiswa ngoba osopolitiki bathatha izimali benze okuvuna bona .

Izwe lethu seliphenduke into ongayazi sekungathi ukukhwabanisa ikona okusemthethweni ngendlela okubhebhetheka ngayo.