Abakwa-Engen basiza intsha ngamakhono ezeComputer ukuze ithole amathuba angcono okuqashwa

Esithombeni: Intsha yabafundi base-Engen Community Computer School

Thobile Mbatha

ABAKWA-ENGEN Community Computer School basiza ngamakhono ezeComputer ukuze intsha ithole amathuba angcono okuqashwa, isihlanganise abafundi abawu-70 bonke abahlali base-South Durban baneziqu zabo eziyisisekelo ezikhulisa amathuba abo okuthola imisebenzi.

 I-Engen isiza amalungu omphakathi waseNingizimu neTheku ukuzibophezela ukuqeqesha mahhala emakhonweni afana ne-Introductory-Skills Training, Information Technology kanye ne-End User Computing.

Yaziwa kakhulu emphakathini wendawo futhi bavame ukuvela ngohlu lwabafake izicelo nabalindile, kwabanye abathweswe iziqu, uBellarina Govender ohlala eMerebank usanda kuthola umsebenzi wokuphatha esiteshini sikapetrol eMontclair. “Ukufunda kungisize kakhulu futhi yisona sizathu esenze ngathola lomsebenzi ngoba manje sengiqonda zonke izindlela zokusebenzisa i-computer okufana nokusebenzisa iMicrosoft Excel okuyikhono elibalulekile esikhathini samanje emhlabeni.” Kuchaza uGovender.

Omunye wabathweswe iziqu uSiboniso Hlongwa uthe, lesi sifundo samvula umqondo ngempela futhi samsiza wabona ukuthi usengakwazi ukuphumelela empilweni. Ngemumva kokuphothula wafaka isicelo se Sales Learnership ayiphothule eGauteng City College.

Umgqugquzeli nomqondisi wokuqeqesha uSheryl Casalis uyaziqhenya ngabo bonke abathweswe iziqu bajabule kakhulu ukubona ukuthi baningi abathole amathuba emisebenzi futhi bamukelwe kumaLearnership ngenxa yokuqeqeshwa kwabo. I-Casalissays ukuqeqeshwa okwenza umehluko obonakalayo ezimenizengqondo zabantu.

Abaningi bafika bephelelwe ithemba futhi bengakholelwa ukuthi banekhono lokufunda ukusebenzisa i-computer, uSiboniso ungabanye abayisibonelo.

Kwabasanda kuthola iziqu  uKhayelihle Dlamini, uSthabile Cwele, uMlondolozi Khanyile, u-Ayanda Shozi , uBraeden Govender, uPhila Msosmi no-August Ratau bonke bamukelwe kwiSystems Development Learnership NQF level 5 nge-Addtech Development Solutions.

“Ukuqeqeshwa akugcinanga nje ngokubenza bakwazi ukufunda kodwa sekuvuse isasasa kubo emkhakheni we-IT. Sineminyaka ewu-13 kanti kuze kube manje sinabafundi abawu-2 504 abaneziqu. Yize kunganqunywanga imigomo ka-Matric neminyaka yobudala, iningi labafundi baneminyaka ewu-20 kuya ku-40.” Kuphetha uHassim.