Samukelisiwe Mbonambi
UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal usuthathe izinyathelo zokuphepha ezengeziwe ukuqinisekisa ukuphepha kwamaphepha ka-Matric alo nyaka kanye nokuqinisekisa ukuthi awaputshuki. Lokhu kuvezwe yiphini likangqongqoshe weZemfundo uDkt Reginah Mhaule ngesikhathi enesithangami nabezindaba esikoleni Ogwini Comprehensive High, eMlazi kade kuqala ukubhala kwabafundi.
UMhaule uthe bafake umnyango weZobunhloli kuleli ukuze uqinisekise ukuthi izivivinyo zika-2022 aziputshuki. “Izinyathelo zokuphepha zimi ngomumo. Sisebenza neqoqo lezokuphepha futhi ngisho nezobuhlakani ziyingxenye yokuphepha kwamaphepha. Ngisho nombutho wamasosha umi ngomumo ukusiza ukuthutha amaphepha uma isimo sezulu sikwenza kube nzima ukuhambisa amaphepha” kusho uMhaule.
Uthe basebenzisana nabomthetho ukuthutha amaphepha ezivivinyo baye ezikoleni ngoba umnyango kungenzeka ungabi nawo amandla okugcina amaphepha ephephile ngaso sonke isikhathi.
“Noma ngubani ozokwenza into ephathelene nokuputshukiswa kwephepha ozobanjwa ngokushesha ngenjoba izinga lokuphepha liphezulu”. Kusho ungqongqoshe.
UFrazer uphinde waveza ukuthi isifundazwe siyazethemba okungenani ngezinga lokuphasa ngo-80% esifundazweni. Ephetha uthe umfundi okhulelwe uzokwazi ukubhala izivivinyo zakhe.