Ibhange iNedbank kanye neTEA bazosebenza ngokubambisana ekufukuleni osomabhizinisi basemalokishin

Samukelisiwe Mbonambi

UMNOTHO wasemalokishini aseNingizimu Afrika ilinganiselwa kuR100 billion imali ongase uyifake emkhiqizweni wezwe. Njengengxenye yokuzibophezela kwe-Nedbank ekwesekeni ukukhula okuqhubekayo kwalo mkhakha wezomnotho obalulekile ibhange lizosebenza ngokuhlanganyela neTownship Entrepreneurship Alliance (TEA) ukusiza ukukhuthaza ukuthuthukiswa kosomabhizinisi emalokishini.

ULizzy Mogale, oyi-Managing Executive: Insights and Advisory, Retail and Business Banking kwa-Nedbank,  uthi ukubambisana kuhloswe ngakho ukuthuthukisa ulwazi lwe-TEA ukuze kusizakale osomabhizinisi baphumelele futhi bakhule. “Amalokishi ayizisekelo sezamabhizinisi kanye nokusungula izinto ezintsha futhi ukwesekwa nokuqeqeshwa esizokunikeza ngalobu budlelwano ne-TEA kuzokhulisa osomabhizinisi kanye namabhizinisi abo” kusho uMogale.

Imihlangano yokucobelelana ngolwazi igqugquzelwa abanikazi bamabhizinisi basemalokishini abanolwazi nabaphumelelayo abaziqondayo izinselelo ezihambisana nokusungula nokukhulisa ibhizinisi ezindaweni zase malokishini.

“Osomabhizinisi abaningi basemalokishini abanawo amakhono afanele kanye namathuluzi okwenza imali osomabhizinisi asebephumelele abajwayele ukuba nawo,” kuchaza uMogale. Ephetha inkulumo yakhe uthe: “kodwa lokhu kubambisana phakathi kweNedbank ne-TEA kuzosiza ekuguquleni lesi simo futhi kuhlomise osomabhizinisi abasafufusa ukuze bayibone inqubekela phambili kanye nempumelelo kwabakwenzayo.”