Ingase ime ukusebenza indawo yobumnandi yakwaMashu

Samukelisiwe Mbonambi

I-KZN Liquor Authority isimise iliyisensi ye-Artizen Lounge yakwaMashu okwesikhashana kulandela ukunxusa abanikazi balendawo ukuthi abagweme ukubeka inzuzo eqhulwini eholela ekutheni kulimale ukuphepha kwabathengi babo.

Emavikini edlule e- Artizen Lounge kwaMashu, enyakatho yeTheku  kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kube nesinye isigameko sokudubulana esadlula nemiphefumulo yabantu  kulendawo yokuzijabulisa kanti ekuqaleni kuka-Okthoba kuwona lonyaka omunye umlandeli owayezozijabulisa kuthi waze wakhishelwa ngaphandle ama-bouncer akulendawo engasalawuleki, kanti uzobuya esephethe isibhamu esigcwele izinhlamvu maqede wavulela ngenhlamvu edubula waze wadubula nabanye abebezihambela bengazi lutho ngokuxoshwa kwakhe.

Umuntu oyedwa walimala ngaphambi kokuthi adutshulwe wabulawa omunye. Ibamba lesikhulu esiphezulu enkampanini yotshwala, uBheki Mbanjwa uthi uphenyo lwabo luveze ukuthi lesi sikhungo asinazo izindlela eziqinile zokuphepha, phakathi kwezinye izinto ezingalungile.

“Kwatholakala ukuthi umnikazi welayisensi wayenweba indawo yokuhlala yadlula leyo eyayigunyazwe ngabakwaLiquor Authority futhi lokho kuwukwephulwa kwemibandela yelayisensi. Kunohlelo okufanele lulandelwe uma ufuna ukwelula. Udinga ukufaka isicelo esishoyo ukuthi ufuna ukulula indawo nenhlangano egunyaza abantu, ngakho-ke lezo kwakungezinye izenzo zokungalandeli imigomo noku holele ekumisweni kwelayisensi,” kusho uMbanjwa.