SAMUKELISIWE MBONAMBI
I-Orlando Pirates ihlawuliswe u-R100 000 ngenxa yabalandeli bayo abagcwala inkundla ngemuva kokunqoba ngo 3-0 kowandulela owamanqamu wesibili weMTN8 lapho yayibhekene neMamelodi Sundowns ePeter Mokaba Stadium ngenyanga edlule.
Umphumela wasePolokwane ngo-Okthoba 22 wenze iPirates yadlulela kowamanqamu ngo 4-1 lapho iBucs yahlula khona AmaZulu ngo1-0 eMoses Mabhida Stadium.
UMshushisi wePremier Soccer League (PSL) uZola Majavu uthe isijeziso usikhiphe ekomitini lokuqondisa izigwegwe (DC) ngoMsombuluko ekuseni.
“Ngingaqinisekisa ukuthi i-Orlando Pirates ivele phambi kwe-PSL DC izoziphendulela ngokungaziphathi kahle kwezethameli njengoba abalandeli bayo bangena enkundleni ngemuva komdlalo weMTN8 eNew Peter Mokaba Stadium ngo-Okthoba 22” kusho uMajavu.
Uthe iPirates yalivuma icala kwathi sebelalele izethulo zabameli bamaqembu womabili, iPSL DC (Disciplinarycommittee) yajezisa iBucs ngenhlawulo ka-R200,000 uhhafu wayo ulengiswe izinyanga ezingu-24 ngaphansi kombandela wokuthi bangatholwa benecala elifanayo.Kuzofanele bakhokhe u-R100,000 kanye no-50% wezindleko zokuqulwa kwecala. “Ngifisa ukunxusa abalandeli ukuba bahlukane nokuziphatha ngendlela ezofaka amaqembu abathi bayawathanda emanzini ashisayo, ngoba ngokwemithetho yeligi akusho ukuthi kungene abantu abangaki enkundleni ngisho kungangena umuntu oyedwa kodwa iqembu lona lizojeza” kuphetha uMajavu