SAMUKELISIWE MBONAMBI
UMaketa, ongumqeqeshi weSouth Africa neNational Academy Lead, uzophatha iqembu le-Test kusukela ngoDisemba kuze kube sekuqaleni kukaJanuwari njengoba lilungiselela ukubhekana ne-Australia kwi-ICC World Test Championship (WTC).
I-South Africa ilele endaweni yesibili etafuleni ngemuva kwe-Australia kulandela ukunqoba imidlalo emibili kuchungechunge, amaProteas ahlulwe emdlalweni owodwa adlala ngokulingana komunye emzuliswaneni wesibili we-WTC.
Lo mdlali oneminyaka engu-42 ubudala ungene kulesi sikhundla ngemuva kokuba yingxenye yohambo lwakamuva leqembu liye kwi-Test e-England, lapho asebenze khona njengomeluleki ngesikhathi somdlalo wokuzilungiselela wezinsuku ezine bedlala ne-England Lions, uphinde wasebenza njengomsizi womqeqeshi oyinhloko kuma-Proteas kusukela ngo-2017 kwaze kwaba unyaka ka-2019.
Ephawula ngokuqokwa kukaMaketa, uMqondisi weCricket u-Enoch Nkwe uthe: “Siyajabula ukuthi siqoke uMalibongwe njengoMqeqeshi wethu wesikhashana ozohola amaProteas e-Australia, njengomuntu oke wasebenza endaweni efanayo phambilini ngesikhathi esebenza njengesekela loMqeqeshi”
I-South Africa Test Tour to Australia Fixtures imi kanje
17 – 21 Disemba 2022
- Australia vs South Africa – The Gabba, Brisbane
26 – 30 Disemba 2022
- Australia vs South Africa – MCG, Melbourne
04 – 08 January 2023
- I-Australia vs South Africa – SCG, Sydney