SAMUKELISIWE MBONAMBI
Lomsakazo usungulwe uNkk. Thandeka Madlala Khathi ngenxa yokubona ukwentuleka kwabesimame nentsha yasemphakathini kwimikhakha yezamabhizinisi.Wabona kuyisu elihle ukuvula umsakazo lapho ezobiza khona abesimame nentsha abazokhangisa amabhizinisi abo aphinde afundise nalabo abanentshisekelo yokuqala amabhizinisi.
Kube sekuvuleleka ithuba kwintsha efisa ukufunda ukusakaza kanti namaciko asendaweni akasalanga ngaphandle ngengoba eyaye athole ithuba lokuvakashela izindlu zomsakazo kanti kuphinde kudlalwe imiculo yabo emoyeni.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2022/11/Sakha-Sizwe-Radio-DJs-1024x634.png)
ISakha Isizwe FM iphinde isebenzisane nama NPO ahlukahlukene ekuphuculeni izimpilo kwimphakathi eyakhelene nayo.
“Njengoba iSakha Isizwe inezinyanga ezinhlanu iqalile, baningi osomabhizinisi asebehlomulile ngohlelo olubizwa ngeBusiness Indaba lapho sisuke sinxenxa khona osomabhizinisi asebephumelele kwimikhakha ehlukene ukuba bacobelele laba abasafisa ulwazi lokungena kuleyomkhakha kanti sihlose ukuthi loluhlelo lusabalale iKZN yonke”kusho uThandeka Madlala Khathi.
Ephetha inkulumo yakhe neKZN Namuhla kade intatheli imubUza ngezingqinamba uthe “Zikhona izingqinamba esibhekane nazo njengomsakazo, enye yazo ukuthi asikabi namandla okuthola ifrequency okwamanje ngakho sisatholakalakwi-inthanethi(online) kuphela kanti
abantu emphakathini yethu babuye bangabi nemali yokuthenga i data okwenza isibalo sabalaleli singabi phezulu ngendlela esifisa ngayo, ngakho esike sikwenze udlulisa ulwazi nemibiko siyayesifake ekhasini lethu facebook”.