I-PRASA yonge u-R200m ngokuhlonza abasebenzi abayizipoki

ESITHOMBENI: UNgqongqoshe wezokuThutha, uFikile Mbalula

SAMUKELISIWE MBONAMBI

I-Passenger Rail Agency of SouthAfrica (PRASA) yonge imali elinganiselwa ku-R200 million ngohlelo lwayo lokuqinisekisa bonke abasebenzi abaholelwayo ohlelweni lwayo. Lolu hlelo alukwazanga ukuqinisekisa abasebenzi abangu-1 480 kwathi abangu-1 159 basula ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli, uNgqongqoshe wezokuThutha, uFikile Mbalula, uthe iProject Ziveze yethulwa ezinyangeni eziyishumi(10) ezedlule ukuze kuqinisekiswe bonke abasebenzi bakwa-PRASA, ngemuva kokudalulwa kwezinto ezingekho emthethweni ohlelweni lwe-PRASA, lwe-Information and Communications Technology (ICT), iHuman Capital Management (HCM), kanye ne-payroll.

Ububanzi bephrojekthi budlulela nasekuqinisekiseni ukuthi ukuqashwa kwabantu bangaphandle kuyahambisana yini nezinhlinzeko zomthetho.

“Sisendleleni yokuqeda zonke izinhlobo zenkohlakalo kwa-PRASA, lezo zikhulu ezisekela lezi zenzo zenkohlakalo ezimbi zizobhekana nengalo yomthetho. Sinomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi izinsiza zomphakathi zidluliselwa kwizakhamuzini ngendlela efanele nengabizi kakhulu” kusho uNgqongqoshe.

Ngesikhathi sesigaba sokuqala salo msebenzi bonke abasebenzi bamenywe ukuba bavolontiye beze ngaphambili bazoqinisekiswa namakhophi omazisi babo kanye neziqu zabo.

“Ngalesi sigaba, kubasebenzi abangu-17 268 ababhalisiwe ohlelweni lokuhola lwe-PRASA, bangu-14 268 abasebenzi abeza ukuzoqinisekiswa, ngesikhathi esifanayo, abasebenzi abayi-1 159 basula emsebenzini. Ukwehluleka kwabasebenzi abangu-3 000 ukuphumela obala ukuze kuqinisekiswe ukuthi bangobani kuholele ekutheni kube nezinsolo zokuthi kungase kube nenqwaba yezisebenzi eziyizipoki kwaPRASA” kuphetha uMbalula.