THOBILE MBATHA
IThimba lezakhamizi zaseNsimbini sebezibambele bona mathupha ukwenza ushintsho ngokwakha amaToilets endaweni, lokhu kulandela ukuthi kuke kwabikwa ngobugebengu kulendawo okuyinto egcine isukunyelwa iThimba elizibiza ngokuthi ‘SILUNGISA UK’HLALA FOUNDATION.’
IKZN Namuhla ikhuluma nelunga lomphakathi eliyinxenye yethimba uMnu. Sanele Ngcobo uthe, “Into ayivelanga ngokuqala kokugadwa kwendawo kodwa isuke ngama-toilet esehlale isikhathi eside engasebenzi sasesibuka ukuthi into ezosilekelela kulendawo ngoba ababheki bendawo bakhona kodwa babukeka bengaveli nesixazululo.” Esho.
Eqhuba uthe akuyena yedwa oveza amaqhinga kodwa uvela nombono isikhathi esiningi ukuze izinto zenzeke.”Asigcini ngokubhekelela umphakathi ebugebengwini kodwa sibuye sibenomkhankaso wokuhlanza izitamkoko ezisuke ziqhumile njengalokhu sazi ukuthi sisendaweni eyimjondolo, ngakho uma kunokuqhuma kwezitamkoko zinganakwa kuyawulimaza umphakathi ikakhulukazi njengoba kuyisikhathi sasehlobo.”
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2022/12/New-Nsimbini-Toilets-1024x634.png)
“Into esiyibukile ukuthi isimo samatoilet besingekho esimeni esifanele ukusetshenziswa abantu, sathatha isinqumo sokuwalungisa ngoba izigebengu besezisizakele sezichanasa kuwo ngoba ebukeka engakulungele ukusetshenziswa abantu. Savela nokuthi siwalungise njengoba siqhubeka nokusiza umphakathi sifisa ukuqhubekela phambili. Nofisa ukusixhasa kulomshikashika wethu engaxhumana nomunye wethimba kulenombolo: 079 365 3907.” Kuphetha uSanele.