Ngokwami amalungelo ethu ayahlonishwa kwezemfundo ikakhulukazi, ngibona konke kusahamba kahle kodwa kwezemisebenzi ngibona singanakiwe futhi singahloniphekile ikakhulukazi ithina njengabantu besifazane.
Kuyaziwa njengoba ngiwumuntu nginelungelo lokuphila, ngafunda kodwa uma sekufanele kuvuleleke amathuba amahle empilo ilapho engibona khona ukuthi amalungelo ethu awakalandeleki kahle. Ezinye izinto zigcina seziphikisana nemigomo yamalungelo ethu emzansi Afrika.