THOBILE MBATHA
UMlazi Mega City umemezele ithuba lomncintiswano ka-R300 000 kosomabhizinisi abasafufusa. Ngonyaka odlule kwethulwe uhlelo lweMlazi Mega City (UMC) Seed lapho uNolwazi wakwa-B section nomnikazi we Balloons Express wathola u-R300 000 wokuqala ibhizinisi.
Ngokusho kwesitatimende sithe, sebephinde benza konke okusemandleni ukudala amathuba emisebenzi kanye nokweseka osomabhizinisi abasafufusa basemakhaya ngomncintiswano osekuwunyaka wesibili wenziwa.
Iyiprojekthi eyimpumelelo yokutshala imbewu yezamabhizinisi eMlazi, Isikhungo sijabule futhi sibheke ngabomvu ukuqalisa loluhlelo olusha. I-UMC ibheka osomabhizinisi abanemibono emisha yokudayisa abangayisebenzisa,lapho omunye ongaba nenhlahla engazibeka ethubeni lokuwina indawo enxanxatheleni yezitolo(ukuqashamahhala) ukubonisana ngebhizinisi lochwepheshe kanye nephakethe lokuqala lenkundla yezokuxhumana kanye nezeluleko zokuthi bangabhalisa kanjani ibhizinisi labo elisha.
Lomncintiswano uvulekele kosomabhizinisi abasafufusa abahlala emphakathini waseMlazi, Lamontville, noma endaweni ewu-15-km ukusuka eMlazi. Okunye kudingeka babe ngaphezu kweminyaka ewu-18 ubudala futhi kufanele balethe lokhu okulandelayo: ikhophi kamazisi, isiphakamiso esisha sokuqala ibhizinisi, izithombe zemikhiqizo kanye neprofile ebonisa ukuthi kungani kufanele uwine.
Amajaji afuna ukwazi konke ngebhizinisi lomfaki wesicelo, umsebenzi webhizinisi kanye nombono uma i-UMC seyazi konke ngebhizinisi lakho ingaqala ikubhekele indawo enxanxatheleni yezitolo. Izohlala unyaka wonke ingaqashiswa, izofakwa i-design yobuciko ebonisa uhlobo lomkhqizo.
Uma ufisa ukuxhumana nabo angabathola kule email: info@umlazimegacity.co.za, bonke abafisa ukufaka izicelo kufanele balethe izimfanelo zabo ngaphambi komhla ziwu-07 Disemba 2022 lelinani elingaphezu kuka-R300 000, lihlanganisa ukubhalisa ibhizinisi lakho, ukuqeqeshwa kanye nokwesekwa.